- Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.
- Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.
- Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa. - Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.
- Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
- Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.
- Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa. - Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade. - Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
- Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
- Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.
- Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.
- UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
- Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.
- UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
- Labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Amavesi eBhayibheli osuku
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;insindiso yami ivela kuye.Ivesi elilandelayo