Amavesi EBhayibheli ngoMsindisi
- Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
- Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini. - Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
- Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
- Owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
- Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
- Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.
- Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
- Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
- Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami. - Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.
- Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.
- Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.
- Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.
- Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”
- Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Ukubuyisana
Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.