Amavesi EBhayibheli ngoKhisimusi
- Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
- Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
- Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye. - Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula. - Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
- Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
- Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
- Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
- Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
- Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
- Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.
- Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”
- Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.”
- UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi: “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.”
- Kepha wena Betlehema Efratha,
omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade. - Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Izingelosi
Ingabe uthi ngingecele kuBaba...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Isiprofetho
Vivinyani konke, nibambisise okuhle...
Izimangaliso
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo