Amavesi EBhayibheli ngoMesiya
- Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”
USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” - Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula. - Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
- Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.
- Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.
- Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.
- Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UKhisimusi
Uzakuzala indodana, uyiqambe igama...
UMsindisi
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi...
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
Ukuvuka
UJesu wathi kuye: “Mina...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.Ivesi elilandelayo