Amavesi EBhayibheli ngokufunda
- Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami. - Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
- Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
- Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. - Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho. - Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo. - Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;
ozonda ukusolwa uyisiwula. - Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho. - Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke. - Ngifundise ukwenza intando yakho,
ngokuba wena unguNkulunkulu wami;
umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo. - Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.
- UJehova muhle, ulungile;
ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe. - Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
- Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo.
- Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”
- Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.
- Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.
- Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,
inkulumo yami ichiche njengamazolo,
njengomkhizo ohlazeni,
nanjengezihlambi etshanini. - Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga. - Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
- Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
- Nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.
- Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
Izihloko ezihlobene
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...