Amavesi EBhayibheli ngenhliziyo
- Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
futhi imbi;
ngubani ongayazi na?
“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,
ngihlola izinso ukuba nginike,
kube yilowo nalowo
njengezindlela zakhe,
njengezithelo zezenzo zakhe.” - Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
- Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
- Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. - Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke. - Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”
- Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.
- Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
- UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”
- Zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. - Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo. - Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,
kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
ngokuba iyakwenezela kuwe
ubude bezinsuku,
neminyaka yokuphila, nokuthula. - Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
izilonda zabo uyazibopha. - Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
- Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa. - Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova. - Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu. - Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho. - Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha. - Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami. - Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.