- Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
- Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize. - Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. - Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila. - Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa. - Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova. - Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.
- Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe. - Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
- Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle. - Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,
ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. - Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami. - Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - “Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.” - Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,
kungabi sekuhaheni. - Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba. - Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. - Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”
- Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
- Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
- Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,
inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.