- Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
- Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,
inqaba yami; angiyikunyakaziswa. - Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona.
- Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
- Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”
- Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.
- Ngiyathanda ukwenza intando yakho,
Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yamimakuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.
