Amavesi EBhayibheli ngokwethemba
- Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo. - Mhla ngesabayo
ngiyakwethemba wena. - Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa. - Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami. - Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
- Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
nohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.” - Ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona.
- Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. - Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
- Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela. - UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso. - Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?
- Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?” - Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka. - Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini. - Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe. - UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
- Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. - Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova. - UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye. - Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka. - Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.Ivesi elilandelayo