Amavesi EBhayibheli ngezisetshenziswa
- Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
- Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
- Ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,
ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa. - Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha. - Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule. - Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho. - UJehova, iNkosi yami,
ungamandla ami,
wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,
angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. - Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla.
- Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
- Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;
iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami. - Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
- Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.”
Izihloko ezihlobene
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuncika
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.Ivesi elilandelayo