Amavesi EBhayibheli ngeZwi likaNkulunkulu
- Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
- Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
- Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami. - Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
- Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho. - Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
- Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade. - Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. - Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
- Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
- Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.
- Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. - Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
- Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
- Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka. - Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.
- Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.
- KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na? - Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. - Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;
ngiyethemba izwi lakho. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
- Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
Izihloko ezihlobene
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
