- ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
- Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi. - Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye. - Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
- Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. - Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe. - Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”
- Amazwi akho onke ayiqiniso;
zonke izahlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade. - Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe. - Senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu.
- Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,
wabakhulula emathuneni abo. - Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula. - Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’
- Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
- Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami. - Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
- Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.
- Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
- Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
- Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”
- Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.
- Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.
Izihloko ezihlobene
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.