Amavesi EBhayibheli ngomphefumulo
- Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
- Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye. - Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami. - Usho kanje uJehova, uthi:
“Yimani ezindleleni, nibone,
nibuze imikhondo yasendulo
ukuthi iphi indlela enhle,
nihambe ngayo,
niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;
kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’ ” - UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”
- Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
- Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
- Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
- Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona. - Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. - Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso. - Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula. - Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo. - Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
- Mphefumulo wami,
zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye. - Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,
uNkulunkulu ophilayo;
ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na? - Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.
Izihloko ezihlobene
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Ukuphumula
Zanini kimi nina nonke...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Indumiso
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.Ivesi elilandelayo