DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngesihogo

  • SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’
  • Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
  • Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
  • Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
  • Ngiyakuyaphi,
    ngisuke emoyeni wakho, na?
    Ngiyakubalekelaphi,
    ngimuke ebusweni bakho, na?
    Uma ngikhuphukela ezulwini,
    wena ulapho;
    uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
  • Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
  • Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.
  • Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula.