Amavesi EBhayibheli ngomthetho
- Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
- Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
- Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
- Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.
- Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.
- Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
- Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.
- Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
- Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
- Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
- Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze. - Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
- Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
- Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na? - Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
- Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
- Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo. - Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.
- Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
- Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho. - Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
- Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. - Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.