Amavesi EBhayibheli ngobudlelwano
- Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. - Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi. - Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa! - Umuhle wonke, sithandwa sami,
akukho sisihla kuwe. - Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
- Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. - Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.
- INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.
- Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
- Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. - Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
- Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova. - UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”
- Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
- Insimbi ilola insimbi,
nomuntu ubuso bomunye. - Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.
- Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
- Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni. - Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
- Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,
nomusa kunesiliva negolide. - Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.
- Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Izihloko ezihlobene
Umshado
Ofumana umfazi uthola okuhle...
Ubungani
Umngane uthanda ngezikhathi zonke...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba uma bewa,omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!Ivesi elilandelayo