Amavesi EBhayibheli ngomakhelwane
- Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.
- Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.
- Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
- Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
- Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
- Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
- Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
- Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
- Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.
- Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.
- Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
- Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
- Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
- Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
- Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
- Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
- Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
- INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.
- Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
- Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.
- Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa. - Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.
- Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
- Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ubumnene
Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ubugovu
Ningenzi lutho ngombango nangodumo...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...