Amavesi EBhayibheli ngobungani
- Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni. - Umuntu wabangane uyazilimaza,
kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani. - Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
- Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa! - Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. - Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
- Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. - Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo. - Insimbi ilola insimbi,
nomuntu ubuso bomunye. - Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa. - Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
- Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. - Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
- Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,
ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho;
ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude. - Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.
- Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
- UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.
Izihloko ezihlobene
Ubudlelwano
Nakuba umuntu ahlula oyedwa...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Umhlatshelo
Akakho onothando olukhulu kunalolo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.