Amavesi EBhayibheli ngenhlebo
- Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo. - Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe. - Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba. - Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
- Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula. - Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya. - Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;
ayehlela kokuphakathi komuntu.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Ubungani
Umngane uthanda ngezikhathi zonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.