Amavesi EBhayibheli ngokuqamba amanga
- Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. - Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso. - Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe. - Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.
- Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula. - Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.
- Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. - Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
nomncethezi wahlukanisa abahlobo. - Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
- Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,
kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga. - Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
- Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo. - Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
- Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. - Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya. - Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”
- Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba. - Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;
kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu. - Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba
aqambe amanga,
nandodana yomuntu ukuba azisole;
ushilo, angayikukwenza, na?
Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?
Izihloko ezihlobene
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...