Amavesi EBhayibheli Ungokuziqhenya
- Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha. - Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. - Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
- Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo. - Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini. Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.
- Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”
- Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo. - Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
- Nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.
- Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.
- Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
- Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
- Basutha njengamadlelo abo;
basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe.
Izihloko ezihlobene
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Ukuncika
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.Ivesi elilandelayo