Amavesi EBhayibheli ngobuhle
- Umuhle wonke, sithandwa sami,
akukho sisihla kuwe. - Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
- Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. - Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. - Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”
- Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
- Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
- Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade. - Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
- Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
- UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
Izihloko ezihlobene
Izembatho
Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Ubudlelwano
Nakuba umuntu ahlula oyedwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.