Amavesi EBhayibheli ngokuba negugu
- Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. - Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi. - Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. - Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?
- Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
- Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
- Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.
- Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
- Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.
- Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane. - Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
- Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Isikhuthazo
Kepha abamethembayo uJehova bayathola...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo