Amavesi EBhayibheli ngesivumelwano
- Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.
- Ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
- UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze. - Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.
- Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.
- Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- “Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo. - Kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
- Ngenza isivumelwano namehlo ami:
ngingabuka kanjani intombi na? - Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
- Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”
- Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.
- Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
Umlamuli
Ngokuba munye uNkulunkulu, munye...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;ngizakukululeka ngeso lami.Ivesi elilandelayo