Amavesi EBhayibheli ngomlamuli
- Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.
- Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.
- Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.
- UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
- Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
- Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
- Kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
- Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.Ivesi elilandelayo
