Amavesi EBhayibheli ngoNkulunkulu
- UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela. - Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
- Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza. - Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. - Mhla ngesabayo
ngiyakwethemba wena. - Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso. - Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise. - Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
- Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
- Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
- Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
- Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. - Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
- Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. - Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
- Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade. - Ngokuba ongifumanayo,
ufumana ukuphila,
azuze umusa kuJehova. - UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
- “Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova. - Akakho ongcwele njengoJehova,
ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. - Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;
anginakho okuhle ngaphandle kwakho.” - Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
- Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?
- Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.Ivesi elilandelayo
