Amavesi EBhayibheli ngokuhlela
- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
- “Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”
- Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe. - Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke. - Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma. - Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma. - Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami. - Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. - “Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova. - Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho. - Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha. - Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,
kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu. - Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini. - Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
- Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe. - Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
Izihloko ezihlobene
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...