Amavesi EBhayibheli ngemali
- Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa. - Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.
- Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso. - Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho. - Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize. - Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho. - Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka. - Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.
- Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”
- Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
- Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva. - Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’
- Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo. - Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga. - Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
- Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,
nomusa kunesiliva negolide. - Amehlo akho ayandizela kulokho,
kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini. - Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
- Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.
- Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
Izihloko ezihlobene
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Isikweletu
Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo
