Amavesi EBhayibheli ngenkululeko
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
- Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
- Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
- Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,
ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. - UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. - Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
- Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
- Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
- UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo. - Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo. - Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
- Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho. - Nina enithanda uJehova zondani okubi;
uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi. - Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
Izihloko ezihlobene
Umhlengi
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ubugqila
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
