Amavesi EBhayibheli ngentethelelo
- Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
- Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
- Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
- Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
- Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
- Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” - Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe. - Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
- Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.
- Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
- Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
- Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”
wena wathethelela icala lesono sami. Sela - Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi. - Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.
- Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
- Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula. - Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.
- Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Isihe
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.Ivesi elilandelayo
