Amavesi EBhayibheli ngokuphenduka
- Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
- Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.
- Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
- Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.
- Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
- Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.
- Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
- ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
- UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
- Buyani ngokusola kwami;
bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,
nginazise amazwi ami. - Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.
- Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
- Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
Izihloko ezihlobene
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Izinguquko
Kepha thina sonke esibuka...
Ukuvuma izono
Ngakho, vumani izono omunye...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.