Amavesi EBhayibheli ngokuguqulwa
- Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
- Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.
- Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
- Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
- Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
- Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile. - Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
- Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
- “Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.” - Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
- Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
- Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
- Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
- Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.
- Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
Izihloko ezihlobene
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Izinguquko
Kepha thina sonke esibuka...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;angiyikunyakaziswa kakhulu.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.Ivesi elilandelayo