Amavesi EBhayibheli ngesijeziso
- Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo. - Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho. - Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.
- Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
- Kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
- Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
- Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
- Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;
ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla. - Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.
- Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
- Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo. - Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
- Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
- INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.
- Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
- Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
- Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
- UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo. - UJehova uyalondoloza abafokazi;
uyaphasa intandane nomfelokazi;
kepha indlela yababi uyayiphambanisa. - Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
- Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
- Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni. - Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.
Izihloko ezihlobene
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...