Amavesi EBhayibheli ngokuthula
- UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula. - Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.
- Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
- Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
- Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
- Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. - Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge. - Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka. - Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe. - Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
- Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.
- Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
- Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi. - Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge. - Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
- Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.
- Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.
- Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo. - Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
- Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
- UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;
uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula. - Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
- Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;
ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni. - Zimnandi kangakanani ezintabeni
izinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.” - Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
Izihloko ezihlobene
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Amavesi eBhayibheli osuku
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.Ivesi elilandelayo
