Amavesi EBhayibheli ngokusondela
- UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.
- Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo. - Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo. - Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
- Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
- Kunye engikucele kuJehova,
ngiyakufuna khona:
ukuba ngihlale endlini kaJehova
izinsuku zonke zokuphila kwami
ukubona ubuhle bukaJehova,
ngibuke ithempeli lakhe. - Uyakungazisa indlela yokuphila;
ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade. - Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.
- Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
- Mfuneni uJehova esenokutholwa,
nimbize eseseduze. - Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo. - Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
- Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade. - Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
kunokuhlala ematendeni ababi. - UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.
- Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
- Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
- Niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
- Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
- Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
- Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,
uNkulunkulu ophilayo;
ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na? - Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!
Izihloko ezihlobene
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.Ivesi elilandelayo
