Amavesi EBhayibheli ngenhlakanipho
- Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. - Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
- Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
- Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
- Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva. - Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. - Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
- Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha. - Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle. - Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
- Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo. - Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
- Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha. - Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
- Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo. - Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha. - Ngokuba ongifumanayo,
ufumana ukuphila,
azuze umusa kuJehova. - “Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova. - Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe. - Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.
- Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. - Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa. - Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini. - Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba
ongiphile ukuhlakanipha namandla,
wangazisa esasikucela kuwe,
ngokuba usazisile indaba yenkosi. - Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.
Izihloko ezihlobene
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ingqondo
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Intukuthelo
Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni...