Amavesi EBhayibheli ngobumnene
- Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. - Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova. - Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
- Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
- Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
- Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ububele
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane...
Intukuthelo
Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni...
Okuhle
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.Ivesi elilandelayo
