Amavesi EBhayibheli ngoMoya
- INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
- UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
- Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
- Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.
- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.
- Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
- Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
- Ngifundise ukwenza intando yakho,
ngokuba wena unguNkulunkulu wami;
umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo. - Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.
- Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
- Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
- Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
- UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
- Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.
- Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
- Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
- Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
- Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
- Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. - Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.
- UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
Izihloko ezihlobene
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
