- Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
- Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.
- Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
- Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.
- Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
- Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
- Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
- Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
- Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
- Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.
- Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
- Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
- Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.
- Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu.
- Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.
- Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’
- Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
- Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. - Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
- Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
- Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.
- Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
- Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
- Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
Izihloko ezihlobene
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IPentekoste
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma umkhiwane ungakhahleli,kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.Ivesi elilandelayo
