Amavesi EBhayibheli ngokulandela
- Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.
- UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi. - Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
- Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
- Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
- Nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.
- Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”
- Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
- Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
- Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.
- Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe. - Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.
- Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe. - Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
- Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
- Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini. - Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
- Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
- Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula, noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.
- Ngiyashesha,
angilibali ukugcina imiyalo yakho. - UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukukhonza
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.