Amavesi EBhayibheli ngomlutha
- Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
- Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
- Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
- Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono.
- Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
- Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
- UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
- Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
- Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
- Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.
- Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
Izihloko ezihlobene
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Isilingo
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha...
Inkululeko
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Ubugqila
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyamthanda uJehova,ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Wena uyindawo yami yokucasha;uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. SelaIvesi elilandelayo
