Amavesi EBhayibheli ngomhlatshelo
- Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
- Nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
- Kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.
- Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.
- Ukwenza ukulunga nokwahlulela
 kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
- Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.
- Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.
- Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
- Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
- Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
- Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.
- Dumisa uJehova ngempahla yakho,
 nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.
- Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
 ngigcwalise engikuthembisileyo.
 Ukusindiswa kukuye uJehova.
- Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
- Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
- Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
 inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
 Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
- Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
- Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
- UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
- Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.
- Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.
- Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
- Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukuhlanzwa
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa...
Ukukhonza
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo...
Iphasika
Kodwa ingelosi yaphendula, yathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo
