Amavesi EBhayibheli ngesivuno
- Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.
- Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
- Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
- Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
- Noma umkhiwane ungakhahleli,
kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. - Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho. - Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
- Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
- Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?
- Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
- Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- “Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”
- Umvini ubunile,
imikhiwane iwumile;
imipomegranati, namasundu,
nemi-apula,
nemithi yonke yasendle kubunile,
ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
Izihloko ezihlobene
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Ukuthela
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Isisa
Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...