Amavesi EBhayibheli ngesisa
- Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye. - Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
- Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
- Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
- Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
- Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga. - Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.
- Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
- Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha. - Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
- Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
- Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.
Izihloko ezihlobene
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ukwamukela
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Isivuno
Kepha yena onika ohlwanyelayo...
Ubugovu
Ningenzi lutho ngombango nangodumo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...