Amavesi EBhayibheli ngokulunga
- Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.
- Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.
- Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa. - Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
- Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo. - Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
- Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;
olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade. - Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. - Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo. - Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.
- Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
- Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
- Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
- Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini. - Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.
- Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
- Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
- Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo. - Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa. - Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni. - Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo. - Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.
- Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,
nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;
lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova
nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova. - Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:
“Kungcwele,”
abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma umkhiwane ungakhahleli,kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.Ivesi elilandelayo
