- Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho. - Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. - Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
- Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. - Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo. - Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle. - Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
- Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade. - Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
- Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi. - Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu. - Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na? - Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi. - Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
- Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. - Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,
uJehova ungumenzi wemithetho yethu,
uJehova uyinkosi yethu;
uyakusisindisa. - Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko.
- Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova. - Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yamiukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo
