- Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho. - Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. - Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
- Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. - Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo. - Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle. - Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
- Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
- Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade. - Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,
kepha ukona kuyihlazo kubantu. - Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi. - Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na? - Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi. - Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
- Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,
uJehova ungumenzi wemithetho yethu,
uJehova uyinkosi yethu;
uyakusisindisa. - Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
- Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. - Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova. - Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.Ivesi elilandelayo
