- Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. - Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;
mawungangijabhisi naphakade;
ngikhulule ngokulunga kwakho. - Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.
- Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.
- Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe. - Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe. - Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
- UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke. - Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. - Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
- Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo. - Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
- Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
- Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo. - Ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
- Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
- Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
- Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”
- Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga. - Kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
- UJehova muhle, ulungile;
ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe. - Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”Ivesi elilandelayo
