- Ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
- Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala. - Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo. - Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.
- Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho. - Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
- Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni.
- Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova. - Ngokuba uyayazi indlela yami;
esengivivinyile,
ngiyakuphuma njengegolide.
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngigcinile indlela yakhe,
angiphambukanga. - Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
- Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. - Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane. - Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. - Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena. - Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.
- Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
- Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola. - Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. - Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu. - Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. - Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
- Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,
sikuhlalele.
Umphefumulo uyalangazelela
igama lakho nesikhumbuzo sakho. - Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
