- Ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
- Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala. - Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo. - Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.
- Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova. - Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
- Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho. - Ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni.
- Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. - Ngokuba uyayazi indlela yami;
esengivivinyile,
ngiyakuphuma njengegolide.
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngigcinile indlela yakhe,
angiphambukanga. - Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
- Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. - Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane. - Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena. - Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.
- Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu. - Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
- Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. - Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola. - Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni. - Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. - Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
- Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.
