- Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. - USomandla singemqonde;
mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho. - Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.
- Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
- Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
- Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.
- Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane. - Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
- UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo. - Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini. - Thokoza kakhulu,
ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi. - Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.
- Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
- Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova. - Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
- Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
- Ngokuba akukho muntu emhlabeni
olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...