Amavesi EBhayibheli ngokunqoba
- Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.
- Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
- Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.
- Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
- Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.
- Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. - Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.
- Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
- Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.
- Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
- Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
- Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
- Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;
hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;
siyanibusisa sisendlini kaJehova. - Thokoza kakhulu,
ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi.
Izihloko ezihlobene
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
USomandla
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.